Zulu Hymn

Lowo Ozwayo


Lowo ozwayo maka memeze;
Ivangeli ma li zungeze izwe.
Lapho ku khon’ abantu ku menyezwe,
Othandayo mak’ eze!


Chorus
Low’ othandayo, makasheshise;
A memezel’ indab’ ezintabeni,
uBab’ uyabiza odukileyo,
Othandayo mak’ eze!


Wena ozayo sheshisa phela;
Umnyango u savuliwe, wongena.
uJesu u thi: “Ngi yiNdlela mina”;
Othandayo mak’ eze


Low’ ovumayo nas’ is’thembiso;
Kuy’ osithandayo se si me njalo.
Si yiMpilo enhle eme phakade;
Othandayo mak’ eze!

 


Mangisondele


Mangisondele, kuwena, nkos`
Noma ngiqhutshwa inhlupheko, nkos`
Ngingathokoza; ngiphinde ngithi-nje,
Ungisondeze, nkos` kuwe


Noma ngehlelwa Ngokubi, nkos`
ngilel` etsheni, ngihlupheka, nkos`
Emaphushweni njalo ngingathi-nje
Ungisondeze, nkos` kuwe nanje.


Ngibonisise, o nkosi yam`
Ukuthi konke okukuwe, nkos`
Kuyizithunywa zokungisiza-nje
kungisondeze, nkos` kuwe manje.


Nasekuseni ngobonga, nkos`
Nasosizini ngodumisa, nkos`
Uma kungabe ngokuhlupheka kwam`
Ngiyasondezwa, nkos` kuwe manje.


Noma ngindiza ngethaba, nkosi
Ngiye phezulu ezulwini, nkos`
Njalo ngovuma, ngiphinde ngithi-nje
Ungisondeze, nkos`, kuwe manje

 


Mawungangedluli Jesu


1. Mawungangedluli, Jesu,
Yizw’ amazwi am’;
Lapho ubabiz’ abanye
Mawungizwe nam’


Ref
Jesu, Jesu, Yizw’ amazwi am’
Lapho ubabiz’ abanye,
Mawungizwe nam’


2. Isihlalo esomusa
Ngikusona nam’;
Ngiguqile, ngingumoni
Ungisize nam’


3. Ngokulunga kwakho kodwa
Ngiyacela nam’;
Ungelaphe ngaphukile
Ngisindise nam’


4. Ungumthombo wakho konke
Nokuphila kwam’;
Ezulwini nasezweni
Yikho konk’ okwami